Amadodana kaKalebi, indodana kaJefune; u-Iru, u-Ela noNahama; amadodana ka-Ela kwakunguKenazi.
UNumeri 13:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Owesizwe sakwaJuda, uKalebi indodana kaJefune. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Owesizwe sakwaJuda: uKalebi indodana kaJefune. IsiZulu 2020 Owesizwana sakwaJuda: nguKhalebhi, indodana kaJefune. |
Amadodana kaKalebi, indodana kaJefune; u-Iru, u-Ela noNahama; amadodana ka-Ela kwakunguKenazi.
UKalebi wabathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masikhuphuke masinyane, silidle; ngokuba sinamandla okukunqoba.
Kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela nokungilandela, ngiyakumyisa ezweni aya kulo; nenzalo yakhe iyakulidla.
Ngokuqinisekile aniyikungena ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukuba nihlale kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune, ababephakathi kwamadoda ahamba ukuhlola izwe, babesaphila.
UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe, baklebhula izingubo zabo.
Ngoba iNkosi yathi ngabo: Isibili bazafela enkangala. Akwasala muntu kubo, kuphela uKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.