Abantwana bakwa-Israyeli baphuma ehlane laseSinayi; ifu lahlala ehlane lasePharanu.
UNumeri 13:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wabathuma besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; wonke lawo madoda ayezinhloko zabantwana bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wabathuma-ke besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; bonke babo babe ngabantu abayizinhloko zabantwana bakwa-Israyeli. IsiZulu 2020 UMose wawathuma amadodana esuka ehlane iPharanu ngesiyalezo sikaSimakade. Wonke lawo madoda ayeyizinhloko zabantu bakwa-Israyeli. |
Abantwana bakwa-Israyeli baphuma ehlane laseSinayi; ifu lahlala ehlane lasePharanu.
Thumani amadoda enu ukuze ahlole ilizwe laseKhanani engilinika abantwana bakoIsrayeli; kuzo zonke izizwe zoyise wothuma indoda ibe nye, kube yilowo nalowo abe yisikhulu phakathi kwabo.
Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.
Yilokho oyihlo abakwenzayo lapho ngibathuma besuka eKadeshi-Barineya ukuba babone izwe.
Lawa angamagama amadoda ayakuhlukanisela izwe phakathi kwenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.
Sasuka eHorebe, sadabula lonke ihlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala; safika eKadeshi Barineya.
Lalunga-ke leli zwi kimi; ngathatha kini amadoda ayishumi nambili, yanye esizweni.
Ngokunjalo lapho uJehova enithuma nisuka eKadeshi-Barineya ukuthi: ‘Khuphukani nilidle izwe engininike lona; nahlubuka emyalezweni kaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, anililalelanga izwi lakhe.
Wafa uSamuweli; bonke abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamlilela, bammbela endlini yakhe eRama. UDavide waqeda, wehlela ehlane lasePharanu.