Uyise wala wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi lokhu; kodwa ngempela, umfowabo omncane uyakuba mkhulu kunaye, nenzalo yakhe iyoba uquqaba lwezizwe.
UNumeri 10:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lase likhuphuka ibhanela lekamu labantwana bakwa-Efrayimi ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Elisama indodana ka-Amihudi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwa-Efrayimi ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Elishama indodana ka-Amihudi. IsiZulu 2020 Kwase kusuka ibhanela lenkambu yabozalo luka-Efrayimi, ngamaviyo ayo. Laliholwa ngu-Elishama, indodana ka-Amihudi. |
Uyise wala wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi lokhu; kodwa ngempela, umfowabo omncane uyakuba mkhulu kunaye, nenzalo yakhe iyoba uquqaba lwezizwe.
Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi; u-Elishama indodana ka-Amihudi wakwaManase; uGamaliyeli indodana kaPedasuri.
Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaManase kwakunguGamaliyeli indodana kaPedasuri.
Ngosuku lwesikhombisa u-Elishama indodana ka-Amihudi, isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi, wanikela.