Uyise wala wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi lokhu; kodwa ngempela, umfowabo omncane uyakuba mkhulu kunaye, nenzalo yakhe iyoba uquqaba lwezizwe.
UNumeri 1:33 - Contemporary Zulu Bible 2024 ababalwayo kubo besizwe sakwaEfrayim, baba ngamashumi amane amawaka, anamakhulu mahlanu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Efrayimi, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu. IsiZulu 2020 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwa-Efrayimi, babeyizi-40 500. |
Uyise wala wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi lokhu; kodwa ngempela, umfowabo omncane uyakuba mkhulu kunaye, nenzalo yakhe iyoba uquqaba lwezizwe.
Manje amadodana akho amabili, u-Efrayimi noManase, owazalelwa wona ezweni laseGibithe ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; njengoRubeni noSimeyoni bayakuba ngabami.
Kubantwana bakoJosefa, abantwana bakoEfrayimi, ngensendo zabo, ngezizukulwane zabo, ngezindlu zaboyise, ngokwenani lamabizo, kusukela koleminyaka engamatshumi amabili langaphezulu, bonke aba negunya. Ukuphuma ukuya empini;
Kubantwana bakoManase, ngensendo zabo, ngezizukulwana zabo, ngezindlu zaboyise, ngokwenani lamagama, kusukela koleminyaka engamatshumi amabili langaphezulu, bonke aba nga phuma;
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu amahlanu.
Lezi ziyizizukulwane zabantwana bakwa-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amahlanu. Lawa angamadodana kaJosefa ngezizukulwane zawo.
Udumo lwakhe lunjengezibulo lenkunzi yakhe, nezimpondo zakhe zinjengezimpondo zenyathi; ngalokho Uyodudula abantu ndawonye kuze kube semikhawulweni yomhlaba; futhi bayizinkulungwane eziyishumi zakwa-Efrayimi, futhi bayizinkulungwane zakwaManase.