Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Manje sengizomdumisa uJehova; ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uJuda; futhi akaphindanga wazala.
UNumeri 1:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kubantwana bakwaJuda ngemindeni yabo ngezizukulwane zabo ngezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kubantwana bakwaJuda, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: IsiZulu 2020 Abozalo lukaJuda, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: |
Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Manje sengizomdumisa uJehova; ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uJuda; futhi akaphindanga wazala.
Amadodana kaJuda; u-Eri, no-Onani, noShela, noPerezi, noSeraki; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi: ngoHezironi noHamuli.
UJowabe wayinika inkosi umumo wokubalwa kwabantu; kwakukhona kwa-Israyeli amadoda anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili ahloma inkemba; amadoda akwaJuda ayengamadoda ayizinkulungwane ezingamakhulu amahlanu.
Ngokuba uJuda waba namandla phezu kwabafowabo, kwaphuma kuye umbusi; kodwa ubuzibulo babungobukaJosefa.
ababalwayo kubo besizwe sakwaGadi, baba ngamashumi amane anamahlanu amawaka, anamakhulu mathandathu, anamanci mahlanu.
ababalwayo kubo besizwe sakwaJuda, ababalwayo kubo, baba yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisithupha.
U-Abrahama wazala u-Isaka; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala uJuda nabafowabo;