UNehemiya 9:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaphezu kwalokho, wabapha imibuso nezizwe, wabahlukanisela emagumbini, badla izwe likaSihoni, nezwe lenkosi yaseHeshiboni, nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Wabanika imibuso nezizwe owababela khona izindawo ngezindawo; badla izwe likaSihoni, izwe lenkosi yaseHeshiboni, nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani. IsiZulu 2020 “Wanikela kubo imibuso nezizwe, wandisa imingcele yabo. Badla izwe likaSihoni, inkosi yaseHeshibhoni nelika-Ogi, inkosi yaseBhashani. |
Khona-ke uJehova wavuka njengomuntu oleleyo nanjengeqhawe elimemeza ngenxa yewayini.
Mina ngenza umhlaba, umuntu, nesilwane esisemhlabeni, ngamandla ami amakhulu nangengalo yami eyeluliweyo, ngamnika lowo engibona kukuhle kimi.
Bangena, balidla; kepha abalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho; abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele bonke lobu bubi phezu kwabo.
Ngokuba lapho ngibangenisa ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, babona onke amagquma aphakemeyo nemithi yonke eminyeneyo, banikela khona imihlatshelo yabo, bahlanjalazwa khona. Umhlatshelo; benza khona iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.
Ngemva kokubulala uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owayehlala e-Ashitaroti e-Edireyi.
Ngathi: Ngiyakubahlakazela emagumbini, ngiqede ukukhunjulwa kwabo phakathi kwabantu.
Ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori, ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni, owanqoba uMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
Balidla izwe lakhe nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga;
Kwathi besabaleka phambi kuka-Israyeli besendleleni eya eBeti Horoni, uJehova waphonsa phezu kwabo amatshe amakhulu avela ezulwini kwaze kwaba se-Azeka, bafa; abantwana bakwa-Israyeli babulala ngenkemba.
UJoshuwa walithatha izwe lonke njengakho konke uJehova abekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa ngokwezigaba zabo ngokwezizwe zabo. Izwe lazola ekulweni.