Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe; kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
UNehemiya 9:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yebo, iminyaka engamashumi amane wabasekela ehlane, abaswelanga lutho; izingubo zabo azigugi, nezinyawo zabo azivuvukalanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabondla iminyaka engamashumi amane ehlane, kabaswelanga lutho; izingubo zabo aziguganga, nezinyawo azivuvukalanga. IsiZulu 2020 Iminyaka engamashumi amane, wabanakekela ehlane; abantulanga lutho, izingubo zabo aziguganga, nezinyawo zabo azivuvukalanga. |
Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe; kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.
Langilethela yini imihlatshelo lezipho enkangala iminyaka engamatshumi amane, lina ndlu kaIsrayeli?
Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; Uyakwazi ukuhamba kwakho kulolugwadule olukhulu; ngoba le minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho wayenawe; entula lutho.
Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu azigugelanga phezu kwenu, nesicathulo sakho asiguganga ezinyaweni zakho.
Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha.
Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engamashumi amane.