Wadla, waphuza ngokuthokoza okukhulu phambi kukaJehova ngalolo suku. Basebembeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova abe ngumbusi omkhulu, noSadoki abe ngumpristi.
UNehemiya 8:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abantu bahamba ukuze badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babewaqonda amazwi ababeshunyayelwa kuwo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe. IsiZulu 2020 Bonke abantu bahamba bayokudla, baphuza, bapha abantulayo ukudla, bajabula kakhulu, ngokuba babekuzwile abakutshelwayo. |
Wadla, waphuza ngokuthokoza okukhulu phambi kukaJehova ngalolo suku. Basebembeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova abe ngumbusi omkhulu, noSadoki abe ngumpristi.
Wayesethi kubo: “Hambani nidle amanoni, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselelwanga lutho; ngoba lolu suku lungcwele eNkosini yethu; ngokuba intokozo kaJehova ingamandla enu.
AmaLevi athulisa abantu bonke, athi: “Thulani, ngokuba usuku lungcwele; futhi ningadabuki.
Ngosuku lwesibili izinhloko zawoyise babo bonke abantu, abapristi namaLevi, zabuthana kanye no-Ezra umbhali ukuze baqonde amazwi omthetho.
njengezinsuku amaJuda aphumula ngazo ezitheni zawo, nenyanga eyaguqulelwa kuwo usizi yaba intokozo, nokulila kwaba usuku oluhle; nezipho kwabampofu.
Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.
Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami.
Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide; yebo, ngaphezu kwegolide elihle.
MEM. O, yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! lokhu kungukuzindla kwami usuku lonke.
Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.
Base bethi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?
Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle, ngokuba ukuthanda kukhona kimi; kodwa ukwenza okuhle kangikutholi.
Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bajabule, bathumele izipho omunye komunye; ngoba laba baprofethi ababili babahlupha abakhileyo emhlabeni.