Umpristi uHilikiya, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva, kaHarihasi, umlindi wezingubo; (manje wayehlala eJerusalema ekolishi;) bakhuluma naye.
UNehemiya 7:72 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abanye abantu abanikela ngakho kwakungamadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane ayizinkulungwane ezimbili esiliva nezingubo zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abakunikelayo abanye abantu kwakungamadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide, namamane* ayizinkulungwane ezimbili esiliva, nezambatho zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa. IsiZulu 2020 Sekukonke okwanikelwa ngabantu kwakungamadakire egolide ayizi-20 000, omina besiliva abayizi-2 000 nezingubo zabaphristi ezingama-67. |
Umpristi uHilikiya, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva, kaHarihasi, umlindi wezingubo; (manje wayehlala eJerusalema ekolishi;) bakhuluma naye.
Kwathi ekufikeni kwenyanga yesikhombisa abantwana bakwa-Israyeli besemizini, abantu babuthana njengomuntu munye eJerusalema.
Bonke abanye abantu, abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, namaNethini, nabo bonke abazahlukanisa nabantu bamazwe ngokomthetho kaNkulunkulu, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, yilowo nalowo onolwazi nokuqondisisa;
Abanye bezinhloko zezindlu zoyise banikela engcebeni yomsebenzi amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva.
Abapristi namaLevi nabalindisango nabahlabeleli nabanye abantu namaNethini no-Israyeli wonke bahlala emizini yabo; ekufikeni kwenyanga yesikhombisa abantwana bakoIsrayeli besemizini yabo.