abeza noZerubhabheli: ngoJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilisani, noMispari, noBhigwayi, noRehumi, noBahana. Inani lamadoda abantwana bakwa-Israyeli:
UNehemiya 7:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 abeza noZerubhabhele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRamaya, noNahamani, noMoridekayi, noBilsan, noMisperet, noBhigwayi, noNehume, noBahana. Inani lamadoda abantwana bakwa-Israyeli laliyilo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE abafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRahamiya, noNahamani, noMoridekayi, noBilishani, noMisipereti, noBigivayi, noNehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku: IsiZulu 2020 bebuya noZerubhabhele, uJeshuwa, uNehemiya, u-Azariya, uRahamiya, uNahamani, uMoridekhayi, uBhilishani, uMisipherethi, uBhigivayi, uNehumi noBhahana. Inani labantu bakwa-Israyeli yileli: |
abeza noZerubhabheli: ngoJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilisani, noMispari, noBhigwayi, noRehumi, noBahana. Inani lamadoda abantwana bakwa-Israyeli:
Khona-ke uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa indodana kaJehoshadaki basukuma baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema, kanye nabaprofethi bakaNkulunkulu ababebasiza.
Lezi ziyizinduna zesifunda ezahlala eJerusalema, kepha emizini yakwaJuda kwahlala, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe emizini yabo, u-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini, nabantwana bezinceku zikaSolomoni.
Laba bangabapristi namaLevi abenyuka noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa: uSeraya, noJeremiya, no-Ezra,
UJesuwa wazala uJehoyakimi, uJehoyakimi wazala uEliyashibi, uEliyashibi wazala uJehoyada;
uShalu, u-Amoki, uHilikiya, uJedaya. Laba babengabapristi abakhulu nabafowabo ezinsukwini zikaJesu.
Ngakho inkosi yathi kimi: Kungani ubuso bakho budanile, lokhu ungaguli? akulutho ngaphandle kosizi lwenhliziyo. Ngase ngesaba kakhulu,
Laba ngabantwana besifunda abenyuka bevela ekuthunjweni, abathunjwa uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wabathumba, wabuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo;
abantwana bakwaPharosi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;
Babunjalo ubuso bazo, namaphiko azo ayelulekele phezulu; yileso naleso amaphiko amabili ahlangene, amabili embesa imizimba yazo.
Ngomnyaka wesibili wenkosi uDariyu, ngenyanga yesithupha, ngolokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika ngoHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa, indodana kaJosefa, umpristi omkhulu, uthi: