Yilabo abenyuka besuka eThelimela, naseTheliharisa, naseKherubi, nase-Adani, nase-Imeri, kepha babengenakukhombisa indlu kayise nenzalo yabo, uma babengabakwa-Israyeli.
UNehemiya 7:61 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yibo futhi abakhuphuka besuka eThelimela, naseTheli-Haresa, naseKherubi, nase-Adoni, nase-Imeri, kodwa babengenakukwazisa indlu kayise nenzalo yabo, uma babevela kwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nampa abakhuphuka eTheliMela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adoni, nase-Imeri, kepha bebengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babe ngabakwa-Israyeli yini: IsiZulu 2020 Laba abalandelayo babevela eThelimela, eTheliharisha, eKherubhi, e-Adoni, nase-Imeri. Kodwa behluleka ukuveza isiqiniseko sokuthi bangabozalo lwakwa-Israyeli yini: |
Yilabo abenyuka besuka eThelimela, naseTheliharisa, naseKherubi, nase-Adani, nase-Imeri, kepha babengenakukhombisa indlu kayise nenzalo yabo, uma babengabakwa-Israyeli.
Zonke izinceku zethempelini nabantwana bezinceku zikaSolomoni zazingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili.
Abantwana bakwaDelaya, abantwana bakwaThobiya, abantwana bakwaNekoda, amakhulu ayisithupha namashumi amane nambili.