Izikhulu zabantu zazihlala eJerusalema; abanye abantu benza inkatho yokubeka oyedwa kwabayishumi ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nezabelo eziyisishiyagalolunye kweminye imizi.
UNehemiya 7:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umuzi wawumkhulu, ubanzi, kepha abantu babembalwa kuwo, nezindlu zingakakhiwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa. IsiZulu 2020 IJerusalema lalingumuzi omkhulu, linendawo ebanzi, kodwa zaziyingcosana kakhulu izakhamuzi ezazihlala kulo; yayingeminingi imizi eyayakhiwe kabusha. |
Izikhulu zabantu zazihlala eJerusalema; abanye abantu benza inkatho yokubeka oyedwa kwabayishumi ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nezabelo eziyisishiyagalolunye kweminye imizi.
Abantu basebebusisa wonke amadoda azinikela ngokuzithandela ukuhlala eJerusalema.
Ngathi kubo: “Amasango eJerusalema makangavulwa lize lishise ilanga; futhi lapho bemi lapho, kumelwe bavale iminyango bayivale; nibeke abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo endaweni yakhe yokulinda, kube yilowo nalowo malungana nendlu yakhe.
UNkulunkulu wami wakufaka enhliziyweni yami ukuba ngiqoqe izikhulu nababusi nabantu, ukuze babalwe ngokohlu lozalo. Ngathola umbhalo wozalo lwalabo abenyuka kuqala, ngathola kulotshiwe ukuthi:
Labo abayakuba ngabakho bayakwakha amanxiwa amadala; uyakubizwa ngokuthi: Umlungisi wezikhala, umlungisi wezindlela zokuhlala.
Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.