Babuyisele namuhla amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nokwekhulu kwemali, nokolweni, newayini, namafutha eniwatholile kubo.
UNehemiya 5:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakukhona futhi abanye abathi: “Sibambise amasimu ethu, nezivini, nezindlu zethu, ukuze sithenge ukolweni ngenxa yokuswelakala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Babe khona nabathi: “Sibambisile ngamasimu ethu, nangezivini zethu, nangezindlu zethu; masithole amabele ngenxa yendlala.” IsiZulu 2020 Kwakukhona futhi nabathi: “Sibambise ngamasimu ethu, ngezivini zethu, nangemizi yethu, ukuze sithole okusanhlamvu ngenxa yendlala.” |
Babuyisele namuhla amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nokwekhulu kwemali, nokolweni, newayini, namafutha eniwatholile kubo.
Ngokuba kwakukhona ababethi: “Thina, amadodana ethu namadodakazi ethu, sibaningi; ngalokho siyabathathela amabele, ukuze sidle, siphile.
Kwakukhona nabathi: “Saboleka imali yentela yenkosi, nangemali yamasimu ethu nezivini zethu.”
Uma kukhona phakathi kwakho ompofu wabafowenu kwelinye lamasango akho ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungayenzi lukhuni inhliziyo yakho, ungasivali isandla sakho kumfowenu ompofu.