Yebo, ngaqhubeka nomsebenzi walolu donga, futhi asithenganga mhlaba, futhi zonke izinceku zami zabuthana lapho emsebenzini.
Phezu kwalokho ngabambelela emsebenzini wogange, asithenganga zwe; zonke izinceku zami zabuthana khona emsebenzini.
Ngasebenza ngokuzikhandla emsebenzini wami wokwakha kabusha ugange, angizange ngizithengele nsimu. Zonke izinceku zami zazimatasatasa ekwakhiweni kabusha kogange.
Kodwa ababusi bangaphambili ababengaphambi kwami bahlambalaza abantu, bathatha kubo isinkwa newayini, ngaphandle kwamashekeli angamashumi amane esiliva; yebo, ngisho nezinceku zabo zibusa phezu kwabantu; kepha angikwenzanga lokho ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
Ngaphezu kwalokho, kwakukhona etafuleni lami kumaJuda nababusi abayikhulu namashumi amahlanu, ngaphandle kwalabo abeza kithi bevela kwabezizwe abasizungezile.
UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Ungawunaki umhlatshelo wabo;
Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.
Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.