UNehemiya 3:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Eceleni kwakhe kwalungisa u-Uziyeli indodana kaHarihaya, umkhandi wegolide; Eceleni kwakhe uHananiya, indodana yabathaki beziqholo, naye wabuya, baqinisa iJerusalema kuze kube sogangeni olubanzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Eceleni kwabo kwalungisa u-Uziyeli indodana kaHarihaya wabakhandi begolide. Eceleni kwakhe kwalungisa uHananiya wabathaki. Baliyeka iJerusalema kwaze kwaba soGangeni Olubanzi. IsiZulu 2020 Ingxenye elandelayo yakhiwa ngu-Uziyeli, indodana kaHarihaya, umkhandigolide. Elandelayo yayihamba ize iyofika oGangeni Olukhulu, yona yakhiwa kabusha nguHananiya, owayenza amakha. |
Esinye isixuku sezihlabelelo sahamba malungana nabo, mina ngemva kwabo nengxenye yabantu esodongeni, kusukela ngale kombhoshongo weziko kuze kufike odongeni olubanzi;
Kumelwe uwenze amafutha angcwele okugcoba, ingxube yokugcoba njengomsebenzi womkhanzi weziqholo; kuyakuba ngamafutha angcwele okugcoba.
Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omgcobo akhiphe iphunga elibi; kanjalo nobuwula obuncane kowaziwa ngokuhlakanipha nodumo.
Bakhipha igolide esikhwameni, bakala isiliva esikalini, baqasha umkhandi wegolide; futhi ulenza libe unkulunkulu; bayawa phansi, yebo, bayakhuleka.