U-Uziya wakha imibhoshongo eJerusalema ngaseSangweni Legumbi, naseSangweni Lesigodi nasegumbini lomduli, waliqinisa.
UNehemiya 3:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Eceleni kwakhe u-Ezeri indodana kaJeshuwa, umbusi waseMispa, walungisa enye indawo malungana nomnyango wendlu yezikhali ekhoneni lomduli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Eceleni kwakhe kwalungisa u-Ezeri indodana kaJeshuwa, umbusi waseMispa, elinye ibanga malungana nommango oya endlini yezikhali eNqutshini. IsiZulu 2020 Ingxenye elandelayo ephambi kwendawo yezikhali kuze kuyofika endaweni lapho ugange lujika khona yakhiwa ngu-Ezeri, indodana kaJeshuwa, umbusi waseMizpha. |
U-Uziya wakha imibhoshongo eJerusalema ngaseSangweni Legumbi, naseSangweni Lesigodi nasegumbini lomduli, waliqinisa.
AmaLevi: noJeshuwa, indodana ka-Asaniya, noBinuwi emadodaneni kaHenadadi, noKadimiyeli;
AmaLevi: ngoJeshuwa, noBhinuwi, noKadimiyeli, noSherebiya, noJuda, noMathaniya, ababephethe ukubonga, yena nabafowabo.
ISango Lomthombo lalilungiswa nguShaluni indodana kaKolihose, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walisibekela, wamisa izivalo zalo, nezihluthulelo zalo, nemigoqo yalo, nogange lwechibi laseSilowama ngasensimini yenkosi, kuze kufike ezitebhisini ezehla emzini kaDavide.
Ngemva kwakhe kwalungisa abafowabo uBhawayi indodana kaHenadadi, umbusi wengxenye yesifunda saseKehila.
Emva kwakhe uBinuwi indodana kaHenadadi walungisa elinye ibanga, kusukela endlini ka-Azariya kuze kube segumbini logange kuze kufike ekhoneni.