UJesuwa wazala uJehoyakimi, uJehoyakimi wazala uEliyashibi, uEliyashibi wazala uJehoyada;
UNehemiya 3:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwase kusukuma u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, bakha iSango Lezimvu; balingcwelisa, bamisa izivalo zalo; kwaze kwaba seMbhoshongweni waseMeya bawungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni kaHananeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli. IsiZulu 2020 Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli. |
UJesuwa wazala uJehoyakimi, uJehoyakimi wazala uEliyashibi, uEliyashibi wazala uJehoyada;
naphezu kweSango lakwa-Efrayimi, naphezu kweSango Elidala, naphezu kweSango Lezinhlanzi, naphezu kombhoshongo kaHananeli, naseMbhoshongweni waseMehagi, kuze kube seSangweni Lezimvu; bema esangweni letilongo.
Enye yamadodana kaJehoyada indodana ka-Eliyashibi, umpristi omkhulu, yayingumkhwenyana kaSanibhalati umHoroni; ngalokho ngamxosha kimi.
Ngokuba u-Eliyashibi umpristi, owayengamele ikamelo lendlu kaNkulunkulu wethu, wayengumngane kaThobiya.
Ngemva kwakhe uBharuki indodana kaSabayi walungisa enye ingxenye, kusukela ekhoneni lodonga kuze kufike emnyango wendlu yompristi omkhulu u-Eliyashibi.
Emva kwakhe kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya, indodana kaKoshi, elinye ibanga, kusukela ekungeneni kwendlu ka-Eliyashibi kuze kube sekugcineni kwendlu ka-Eliyashibi.
Phakathi kwegumbi eliphezulu legumbi neSango Lezimvu abakhandi begolide nabathengi balungisa.
Kwathi lapho oSanibhalati, noThobiya, noGesemi, umArabhi, nezinye izitha zethu, bezwile ukuthi ngase ngilwakhile ugange nokuthi akusalanga sikhala kulo; (nakuba ngaleso sikhathi ngangingayifakanga iminyango emasangweni;)
Kwathi ugange selwakhiwe, ngamisa izivalo, kwamiswa abalindisango nabahlabeleli namaLevi;
Ihubo nehubo ekungcwelisweni kwendlu kaDavide. Ngiyakukubonga, Jehova; ngokuba ungiphakamisile, awuvumelanga izitha zami ukuba zijabule ngami.
Bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho umuzi uyakwakhelwa uJehova, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube seSangweni Legumbi.
Yazi-ke futhi uqonde ukuthi kusukela ekuphumeni komyalo wokubuyisela nokwakha iJerusalema kuze kufike uMesiya, iNkosana, kuyohlala amasonto ayisikhombisa namasonto angamashumi ayisithupha nambili: umgwaqo uyokwakhiwa futhi nodonga, ngisho nasezikhathini ezinzima.
Izwe lonke liyakuguqulwa libe njengethafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni eningizimu yeJerusalema; liyophakanyiswa, lihlalwe endaweni yalo, kusukela eSangweni lakwaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lokuqala, kuze kufike eSangweni Legumbi naseMbhoshongweni. Kusukela kuHananeli kuze kufike ezikhamweni zewayini zenkosi.
Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu.
Izinceku ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakha indlu entsha, ongayingcwelisanga? makahambe abuyele endlini yakhe, funa afe empini, omunye ayingcwelise.