Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNehemiya 13:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngalezo zinsuku ngabona futhi amaJuda ayethathe abesifazane base-Ashidodi, abakwa-Amoni nabakwaMowabi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Futhi ngalezo zinsuku ngabona abaJuda ababezithathele abesifazane base-Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngalezo zinsuku, ngabona abanye abaJuda abasebeganwe ngabesifazane base-Ashidodi, kwa-Amoni nakwaMowabi.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNehemiya 13:23
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe, kanye nendodakazi kaFaro, abesifazane bakwaMowabi, nabakwa-Amoni, nabakwa-Edomi, namaSidoni, namaHeti;


Umpristi u-Ezra wasukuma, wathi kubo: “Niphambukile, nithathe abesifazane babezizwe ukuze nandise isiphambeko sika-Israyeli.


Bonke bathatha abafazi babezizwe, futhi abanye babo babenabafazi abazalela kubo abantwana.


futhi singabaniki amadodakazi ethu kubantu bezwe futhi singathatheli amadodana ethu amadodakazi abo.


Futhi uma abantu bezwe beletha impahla noma iyiphi indlela yokuphila ukuze bathengise ngosuku lwesabatha, thina ngeke sikuthenge ngesabatha nangosuku olungcwele; nokuthi siyakushiya umnyaka wesikhombisa kanye nempoqo zonke izikweletu.


Ngalolo suku bafunda encwadini kaMose ezindlebeni zabantu; futhi kwatholakala kulo ukuthi abakwa-Amoni nabakwaMowabi abayikungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade;


Abantwana babo inxenye bakhuluma ngesi-Ashidodi, bengakwazi ukukhuluma isiJuda, kodwa ngolimi lwezizwe zonke.


Ngakho siyakunilalela yini ukuba nenze bonke lobu bubi obukhulu, neqe kuNkulunkulu wethu ngokuthatha abesifazane babezizwe na?


Kodwa kwathi lapho uSanibhalati noThobiya nama-Arabhu nabantwana bakwa-Amoni nabase-Ashidodi bezwa ukuthi izindonga zaseJerusalema zazakhiwe nokuthi imifantu isiqalile ukuvalwa, bathukuthela kakhulu.


Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngiyawaxosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.


Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo; ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunakuhlanganyela kuni ukukhanya nobumnyama na?


Lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni oya kulo ukulidla, esexoshile izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa. Mkhulu futhi unamandla kunawe;


Base bazithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi; igama lomunye lalingu-Orpa, igama lomunye lalinguRuthe; bahlala khona cishe iminyaka eyishumi.


AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebenezeri, awusa e-Ashidodi.