Lapho bebiza inkosi, u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu waphuma waya kubo noShebina unobhala noJowaki indodana ka-Asafa umbusi.
UNehemiya 12:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 uShalu, u-Amoki, uHilikiya, uJedaya. Laba babengabapristi abakhulu nabafowabo ezinsukwini zikaJesu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE noSalu, no-Amoki, noHilikiya, noJedaya. Labo babe yizinhloko zabapristi nezabafowabo emihleni kaJeshuwa. IsiZulu 2020 uSalu, u-Amoki, uHilikiya noJedaya. Labo babeyizinhloko zabaphristi nezabafowabo, emihleni kaJeshuwa. |
Lapho bebiza inkosi, u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu waphuma waya kubo noShebina unobhala noJowaki indodana ka-Asafa umbusi.
Khona-ke uJeshuwa, indodana kaJosadaki, nabafowabo, abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuze banikele phezu kwalo iminikelo yokushiswa njengokulotshiweyo emthethweni uMose umuntu kaNkulunkulu.
Laba bangabapristi namaLevi abenyuka noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa: uSeraya, noJeremiya, no-Ezra,
AmaLevi: ngoJeshuwa, noBhinuwi, noKadimiyeli, noSherebiya, noJuda, noMathaniya, ababephethe ukubonga, yena nabafowabo.
Ngomnyaka wesibili wenkosi uDariyu, ngenyanga yesithupha, ngolokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika ngoHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa, indodana kaJosefa, umpristi omkhulu, uthi:
Yangibonisa uJoshuwa, umpristi omkhulu, emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye.