AmaLevi emihleni ka-Eliyashibi, noJehoyada, noJohanani, noJaduwa babhalwa njengezinhloko zezindlu zawoyise, nabapristi, kwaze kwaba sekubuseni kukaDariyu umPheresiya.
UNehemiya 12:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amadodana kaLevi, izinhloko zawoyise, alotshiwe eNcwadini yeziKronike kwaze kwaba semihleni kaJohanani indodana ka-Eliyashibi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izinhloko zawoyise babantwana bakwaLevi zalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla, kwaze kwaba semihleni kaJohanani indodana ka-Eliyashibi. IsiZulu 2020 Abozalo lukaLevi izinhloko zoyise abalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla, kwaze kwaba sezinsukwini zikaJohanani indodana ka-Eliyashibhi. |
AmaLevi emihleni ka-Eliyashibi, noJehoyada, noJohanani, noJaduwa babhalwa njengezinhloko zezindlu zawoyise, nabapristi, kwaze kwaba sekubuseni kukaDariyu umPheresiya.
Izikhulu zamaLevi zaziyizi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, nabafowabo maqondana nabo, ukuba badumise, badumise njengomyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, omunye komunye.