UNehemiya 12:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesuwa wazala uJehoyakimi, uJehoyakimi wazala uEliyashibi, uEliyashibi wazala uJehoyada; IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJeshuwa wazala uJoyakimi; uJoyakimi wazala u-Eliyashibi; u-Eliyashibi wazala uJoyada; IsiZulu 2020 UJeshuwa wazala uJoyakimi; uJoyakimi wazala u-Eliyashibhi; u-Eliyashibhi wazala uJoyada; |
AmaLevi emihleni ka-Eliyashibi, noJehoyada, noJohanani, noJaduwa babhalwa njengezinhloko zezindlu zawoyise, nabapristi, kwaze kwaba sekubuseni kukaDariyu umPheresiya.
Kwakusezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJeshuwa kaJosadaki nasemihleni kaNehemiya umbusi no-Ezra umpristi umbhali.
Enye yamadodana kaJehoyada indodana ka-Eliyashibi, umpristi omkhulu, yayingumkhwenyana kaSanibhalati umHoroni; ngalokho ngamxosha kimi.
Ngokuba u-Eliyashibi umpristi, owayengamele ikamelo lendlu kaNkulunkulu wethu, wayengumngane kaThobiya.
Ngafika eJerusalema, ngabona ububi u-Eliyashibi ayenzile kuThobiya ngokummisela ikamelo emagcekeni endlu kaNkulunkulu.
Kwase kusukuma u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, bakha iSango Lezimvu; balingcwelisa, bamisa izivalo zalo; kwaze kwaba seMbhoshongweni waseMeya bawungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni kaHananeli.