Wabuye wakhulelwa, wazala indodana; waqamba igama layo ngokuthi uSela; wayeseKesibi ekumzaleni kwakhe.
UNehemiya 11:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 noMahaseya, indodana kaBaruki, indodana kaKolihose, indodana kaHazaya, indodana ka-Adaya, indodana kaJojaribi, indodana kaZakariya, indodana kaSiloni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE noMahaseya kaBaruki, kaKholi Hoze, kaHazaya, ka-Adaya, kaJoyaribi, kaZakariya, indodana yomShiloni. IsiZulu 2020 noMahaseya kaBharukhi, kaKholi Hoze, kaHazaya, ka-Adaya, kaJoyaribhi, kaZakhariya, indodana yomShiloni. |
Wabuye wakhulelwa, wazala indodana; waqamba igama layo ngokuthi uSela; wayeseKesibi ekumzaleni kwakhe.
Amadodana kaShela indodana kaJuda: ngo-Eri, uyise kaLeka, noLada, uyise kaMaresa, nemindeni yendlu yabasebenza ilineni elicolekileyo, bendlu ka-Ashibeya,
EJerusalema kwahlala abanye babantwana bakwaJuda nabakwaBenjamini. Kubantwana bakwaJuda; u-Ataja indodana ka-Uziya indodana kaZakariya indodana ka-Amariya indodana kaShefathiya indodana kaMahalaleli emadodaneni kaPheresi;
Onke amadodana kaPerezi ayehlala eJerusalema ayengamadoda anamandla angamakhulu amane namashumi ayisithupha nesishiyagalombili.
ISango Lomthombo lalilungiswa nguShaluni indodana kaKolihose, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walisibekela, wamisa izivalo zalo, nezihluthulelo zalo, nemigoqo yalo, nogange lwechibi laseSilowama ngasensimini yenkosi, kuze kufike ezitebhisini ezehla emzini kaDavide.
Amadodana kaJuda ngemindeni yawo; kwaSela: ngumndeni wakwaSela; kwaPheresi: ngumndeni wakwaFarasi; kwaSeraki: ngumndeni wakwaSarigi.