KumaLevi u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.
UNehemiya 11:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 OSabhethayi noJozabadi ezinhloko zamaLevi babephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE noShabethayi noJozabadi bezinhloko zamaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu, IsiZulu 2020 uShabhethayi noJozabhadi beyizinhloko zabaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu, |
KumaLevi u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.
Kuma-Ishhari, uKhenaniya namadodana akhe babengabangaphandle kwa-Israyeli, izinduna nabahluleli.
Kuphela ngoJonathani indodana ka-Asaheli noJahasiya indodana kaThikiva ababesebenza kule ndaba; oMeshulamu noSabhethayi umLevi babasiza.
Ngosuku lwesine kwalinganiswa isiliva negolide nezitsha zendlu kaNkulunkulu wethu ngesandla sikaMeremoti indodana ka-Uriya umpristi; kanye naye kwakungu-Eleyazare indodana kaFinehasi; kanye nabo kwakunguJozabadi indodana kaJeshuwa, noNowa, indodana kaBinuwi, amaLevi;
KumaLevi: nguShemaya, indodana kaHashubi, indodana ka-Asirikamu, indodana kaHashabiya, indodana kaBuni;
UMathaniya, indodana kaMika, indodana kaSabidi, indodana ka-Asafa, wayeyinhloko ukuqala ukubonga emkhulekweni; noBakibukiya owesibili kubafowabo, no-Abisa, indodana kaSamuwa, indodana kaGalali, indodana kaJeduthuni.
OJehuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noSabhethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi, baqondisa abantu umthetho, nabantu bema ezindaweni zabo.