UNehemiya 10:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 AmaLevi: noJeshuwa, indodana ka-Asaniya, noBinuwi emadodaneni kaHenadadi, noKadimiyeli; IBHAYIBHELI ELINGCWELE AmaLevi: uJeshuwa indodana ka-Azaniya, noBinuwi wamadodana kaHenadadi, noKadimiyeli, IsiZulu 2020 AbaLevi: uJeshuwa, indodana ka-Azaniya, noBhinuwi wamadodana kaHenadadi, noKhadimiyeli, |
Izikhulu zamaLevi zaziyizi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, nabafowabo maqondana nabo, ukuba badumise, badumise njengomyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, omunye komunye.
AmaLevi: ngoJeshuwa, noBhinuwi, noKadimiyeli, noSherebiya, noJuda, noMathaniya, ababephethe ukubonga, yena nabafowabo.
Emva kwakhe uBinuwi indodana kaHenadadi walungisa elinye ibanga, kusukela endlini ka-Azariya kuze kube segumbini logange kuze kufike ekhoneni.
AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa, kaKadimiyeli nabantwana bakwaHodewa, amashumi ayisikhombisa nane.
OJehuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noSabhethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi, baqondisa abantu umthetho, nabantu bema ezindaweni zabo.
Khona-ke oJeshuwa, noBani, noKadimiyeli, noShebanja, noBhuni, noSherebiya, noBani, noKhenani basukuma ezitebhisini zamaLevi, bamemeza ngezwi elikhulu kuJehova uNkulunkulu wabo.