Ngokuba konke ukulwa kweqhawe kunomsindo ophithizelayo, nezingubo ezigingqelwe egazini; kodwa kuyakuba ngumlilo nezinkuni zomlilo.
UNahume 3:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umsindo wesiswebhu nomsindo wamasondo nowamahhashi agijimayo nowezinqola ezigxumayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngukuqhuma kwesiswebhu, nomsindo wokugodlozela kwamasondo, namahhashi agadulayo, nezinqola ezixhumayo; IsiZulu 2020 Kuqhuma isiswebhu, nomsindo wokugodlozela kwamasondo, nogabadula kwamahhashi, nokugxuma kwezinqola. |
Ngokuba konke ukulwa kweqhawe kunomsindo ophithizelayo, nezingubo ezigingqelwe egazini; kodwa kuyakuba ngumlilo nezinkuni zomlilo.
Ngenxa yomsindo wokunyathela kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, nokuduma kwezinqola zakhe, nokuduma kwamasondo akhe, oyise abayikubheka emuva kubantwana babo ngenxa yezandla ezibuthakathaka;
Ukubonakala kwabo kunjengokubonakala kwamahhashi; nanjengabagibeli bamahhashi, kanjalo bayakugijima.
Njengomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba bayogxuma, njengomsindo welangabi lomlilo liqothula izinhlanga, njengabantu abanamandla abami ngokulandelana kwempi.