Wamkhiphela ngaphandle, wathi: “Bheka isibhakabhaka, ubale izinkanyezi, uma ungazibala; wathi kuye: Iyakuba njalo inzalo yakho.
UNahume 3:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wandisile abathengisi bakho ngaphezu kwezinkanyezi zezulu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wandisile abathengisi bakho kunezinkanyezi zezulu; inkasa iyakhula, indize imuke. IsiZulu 2020 Wandisile abahwebi bakho ukwedlula izinkanyezi zezulu; isikhonyane sahluba, qede sandizela kude. |
Wamkhiphela ngaphandle, wathi: “Bheka isibhakabhaka, ubale izinkanyezi, uma ungazibala; wathi kuye: Iyakuba njalo inzalo yakho.
Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;
Wandisa abantwana babo baba ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owathembisa ngalo oyise ukuthi bayakungena ukulidla.
Ngubani owenza leli cebo ngeTire, umuzi womqhele, obathengi bawo bayizikhulu, obathengi bawo bangabadunyiswa emhlabeni na?
Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.
Okusalayo kwesundu kwadliwa yisikhonyane; okwasalayo kwadliwa yinkumbi; okwasalayo kwadla amacimbi.