Kwathi ekhuleka endlini kaNisirogi unkulunkulu wakhe, amadodana akhe u-Adrameleki noSarezeri amshaya ngenkemba, abalekela ezweni lase-Ararati. U-Esarihadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
UNahume 1:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wayala ngani ukuba kungabe kusahlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo; ngoba ukhohlakele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uJehova uyalezile ngawe ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo; ngiyakulungisa ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho. IsiZulu 2020 Kepha uSimakade uyalezile ngawe ukuthi akusayukuphinde kutshalwe egameni lakho, endlini yonkulunkulu bakho ngiyakunquma isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo, ngiyakwenza ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho. |
Kwathi ekhuleka endlini kaNisirogi unkulunkulu wakhe, amadodana akhe u-Adrameleki noSarezeri amshaya ngenkemba, abalekela ezweni lase-Ararati. U-Esarihadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
UJehova wathuma ingelosi yabulala onke amaqhawe anamandla, nezikhulu, nezinduna ekamu lenkosi yase-Asiriya. Ngakho wabuyela ezweni lakubo enamahloni. Lapho engena endlini kankulunkulu wakhe, abaphuma ezibilinini zakhe bambulala lapho ngenkemba.
Yiba yindawo yami yokuhlala yaphakade engingaphephela kuyo njalonjalo; Wayala ukuba ngisindise; ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami.
Ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobu busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezilwane; ngiyakwahlulela bonke onkulunkulu baseGibithe; nginguJehova.
Isiprofetho ngeGibhithe. Bheka, uJehova ugibele ifu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayakuthuthumela phambi kobuso bakhe, nezinhliziyo zaseGibithe ziyakuncibilika kulo.
Memezelani phakathi kwezizwe, nimemezele, nimise ibhanela; memezelani ningafihli; anothi: IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uchotshoziwe; izithombe zalo zijabhile, izithombe zalo zichotshoziwe.
Empahleni yakhe kuyakuvela umuntu odelelayo, abangayikumnika udumo lombuso; kodwa uyongena ngokuthula futhi azuze ubukhosi ngokuthopha.
Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume izinsika zenu ezingcwele, ngiphonse izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu, umphefumulo wami unengeka nina.
Ngiyakunquma izithombe zenu ezibaziweyo nezithombe zenu phakathi kwenu; futhi anisayikukhothamela umsebenzi wezandla zenu.
Futhi ngiyosiphula amahlathi akho phakathi kwakho, futhi ngiyochitha imizi yakho.
Ulethile ihlazo endlini yakho ngokuchitha abantu abaningi, wonile umphefumulo wakho.
Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngenxa yobubi abaziyo; ngoba amadodana akhe ayebaklolodela, kodwa kabavimbanga.