Kwaba khona umuntu kaBheliyali ogama lakhe linguSheba, indodana kaBigi umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, futhi asinafa endodaneni kaJese.” Yilowo nalowo makaye ematendeni akhe, Israyeli!
UNahume 1:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kuphume kuwe oceba okubi ngoJehova, umeluleki omubi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuphume kuwe owamcebela uJehova okubi, wanika isiluleko esibi. IsiZulu 2020 Kukhona ovela kuwe oceba okubi ngoSimakade, umluleki owonakele. |
Kwaba khona umuntu kaBheliyali ogama lakhe linguSheba, indodana kaBigi umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, futhi asinafa endodaneni kaJese.” Yilowo nalowo makaye ematendeni akhe, Israyeli!
Futhi uHezekiya angalenzi nethembe uJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula nokusophula, nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.
Kwabuthana kuye amadoda ayize, amadodana kaBheliyali, aziqinisa ukumelana noRehobowamu indodana kaSolomoni, uRehobowamu esemncane enenhliziyo ethambileyo, engenakumelana nabo.
Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa ngamadoda aceba okubi, aluleka amasu kulo muzi.
Maye kulabo abaceba ububi futhi benze okubi emibhedeni yabo! ekukhanyeni kokusa bayakwenza, ngokuba kusemandleni esandla sabo.