Kubantwana bakwa-Isakare, ababekwazi ukuqonda izikhathi, ukwazi okufanele u-Israyeli akwenze; amakhanda abo ayengamakhulu amabili; bonke abafowabo balandela umyalo wabo.
UmShumayeli 8:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ogcina umyalo akayikuzwa okubi; futhi inhliziyo yomuntu ohlakaniphileyo iyasiqonda isikhathi kanye nokwahlulela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ogcina umyalo akayikwazi okubi: nenhliziyo yohlakaniphileyo iyakwazi isikhathi nokwahlulela, IsiZulu 2020 Lowo ohlonipha umyalo akayukwehlelwa ngokubi, ingqondo yohlakaniphileyo iyasiqonda isikhathi esifanele nokwehlulela. |
Kubantwana bakwa-Isakare, ababekwazi ukuqonda izikhathi, ukwazi okufanele u-Israyeli akwenze; amakhanda abo ayengamakhulu amabili; bonke abafowabo balandela umyalo wabo.
Kepha ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abenzanga njengalokho inkosi yaseGibithe yayibayalile, bazala abafana.
Ukuhlakanipha kuphambi konengqondo; kodwa amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.
Inhliziyo yomuntu ohlakaniphileyo ingakwesokunene sakhe; kodwa inhliziyo yesiwula ngakwesokhohlo.
Ake sizwe isiphetho sayo yonke lendaba: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kuyimfanelo yomuntu wonke.
Amehlo ohlakaniphileyo asekhanda lakhe; kodwa isiwula sihamba ebumnyameni, futhi mina ngokwami ngibonile ukuthi isenzakalo sinye sehlela bonke.
Ngiyakucebisa ukuba ugcine umyalo wenkosi, nalokhu mayelana nesifungo sikaNkulunkulu.
U-Efrayimi wacindezelwa, waphulwa ekwahluleleni, ngokuba wavuma ukulandela umyalo.
Wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.
Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Yahlulelani nina ukuthi kulungile yini emehlweni kaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu.
UPetru nabanye abaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.
Ngalokho nathi, kusukela osukwini esakuzwa ngalo, asiphezi ukunikhulekela, nokunxusa ukuba nigcwaliswe ukwazi intando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda kokomoya;
Kodwa ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, labo abathi ngokujwayela ukuzwisisa, sebekufundise ukuhlukanisa okuhle lokubi.