Ngokuzigqaja kuvela ukuxabana kuphela, kodwa kwabahlakaniphileyo kukhona ukuhlakanipha.
UmShumayeli 7:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Isiphetho sento singcono kunokuqala kwayo, futhi obekezelayo emoyeni ungcono kunozidlayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo; onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo. IsiZulu 2020 Singcono isiphetho sendaba kunesiqalo sayo; onomoya wokubekezela ungcono kunalowo onowokuzidla. |
Ngokuzigqaja kuvela ukuxabana kuphela, kodwa kwabahlakaniphileyo kukhona ukuhlakanipha.
Igama elihle lingcono kunamafutha amahle; nosuku lokufa njengosuku lokuzalwa komuntu.
Kepha u-Abrahama wathi: “Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho usesekuphileni, noLazaru ngokunjalo nokubi;
Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo,
Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze kuthi, seniyenzile intando kaNkulunkulu, namukele isithembiso.
Bheka, sithi babusisiwe abakhuthazelayo. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, nibonile isiphetho seNkosi; ukuthi iNkosi inesihawu esikhulu, nesihawu.
Bekezelani nani; niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele.
Ngakho-ke bophani izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nithembele kuze kube sekupheleni umusa ozolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu;