UmShumayeli 7:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Usizi lungcono kunokuhleka, ngoba ngokudabuka kobuso inhliziyo iba ngcono. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngokudabuka kobuso inhliziyo yenzelwa okuhle. IsiZulu 2020 Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngobuso obudangele inhliziyo iba nokujabula. |
Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila; kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.
wathi: “O othandekayo, ungesabi; ukuthula kini, qinani, yebo, qinani. Lapho ekhuluma kimi, ngaba namandla, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami; ngoba ungiqinisile.
Nibusisiwe nina enilambile manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba nizakuhleka.
Maye kini enisuthi! ngoba nizakulamba. Maye kinina enihlekayo manje! ngokuba niyakulila, nikhale.
Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi;