Owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nomuthi onxanelekayo ukuhlakaniphisa, wathatha isithelo sawo, wadla, wanika indoda yakhe; wadla.
UmShumayeli 7:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ungabi olungileyo ngokuningi; futhi musa ukubukisa. Kungani uzibhubhisa? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu; uzichithelani na? IsiZulu 2020 Ungabi ngolunge kakhulu, ungazenzi ohlakaniphe ngokwedlulele; uzibhubhiselani na? |
Owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nomuthi onxanelekayo ukuhlakaniphisa, wathatha isithelo sawo, wadla, wanika indoda yakhe; wadla.
Ngokuba umuntu oyize uyakuba ngohlakaniphileyo, nakuba umuntu ezalwa njengethole lembongolo yasendle.
Wathi kumuntu: “Bheka, ukumesaba uJehova kungukuhlakanipha; nokudeda ebubini kungukuqondisisa.
Futhi phezu kwalokho, ndodana yami, xwayiswa: akukho ukuphela kokwenza izincwadi eziningi; ukufunda okuningi kukhathaza umzimba.
Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nakha amathuna abaprofethi, nihlobise amathuna abalungileyo;
Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo;
Khona beza kuye abafundi bakaJohane, bathi: “Kungani thina nabaFarisi sizila kaningi, kepha abafundi bakho abazili na?
Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi.
Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo; ukuthi ukuphuphutheka kwehlele uIsrayeli ngokwengxenye, kuze kungene ukugcwala kwabezizwe.
Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
Makungabikho ozikhohlisayo. Uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kuleli zwe, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.
ngokushisekela ngizingela ibandla; mayelana nokulunga okusemthethweni, ngingenacala.
Makungabikho muntu onikhohlisayo ngomvuzo wenu ngokuthobeka kokuzithandela nangokukhonza izingelosi, engena engakubonanga, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yenyama yakhe;
Izinto ezibonakala zihlakaniphile ekukhonzeni intando, lokuzithoba, lokudebeselela umzimba; kungahlonitshwa ngandlela thize kuze eneliseke inyama.
Benqabela ukuganana, belaya ukuthi bayeke ukudla, uNkulunkulu akudalela ukuthi kwemukelwe ngokubonga yilabo abakholwayo labalaziyo iqiniso.
Base bethela uthuli emakhanda abo, bamemeza bekhala, belila, bethi: “Maye, maye, muzi omkhulu, lapho kwacetshiswa khona bonke ababenemikhumbi olwandle ngenxa yokubiza kwawo okuhle! ngoba ngehora elilodwa selichithekile.