Kawunalo yini uthango nxazonke zakhe lendlu yakhe laphezu kwakho konke akwenzileyo inhlangothi zonke? Wawubusisa umsebenzi wezandla zakhe, nempahla yakhe yanda ezweni.
UmShumayeli 7:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ukuhlakanipha kuyisiphephelo, nemali iyisiphephelo, kepha ukudlula ukwazi kungukuthi ukuhlakanipha kuphila kwabanakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba kusemthunzini wokuhlakanipha njengasemthunzini wemali, kepha inzuzo yokwazi ingeyokuba ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho. IsiZulu 2020 Ngokuba ukuvikeleka kokuhlakanipha kufana nokuvikeleka kwemali, kodwa ubuhle bolwazi nokuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho. |
Kawunalo yini uthango nxazonke zakhe lendlu yakhe laphezu kwakho konke akwenzileyo inhlangothi zonke? Wawubusisa umsebenzi wezandla zakhe, nempahla yakhe yanda ezweni.
Kumholi wokuhlabelela, u-Altashiti, uMikitamu kaDavide, ekubalekeni kwakhe uSawule emhumeni. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngihawukele, ngokuba umphefumulo wami wethemba wena, yebo, emthunzini wesandla sakho. Amaphiko ngizophephela kuze kuphele lezi zinhlekelele.
Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe, kepha abanothileyo banabangane abaningi.
Ugcinela olungileyo ukuhlakanipha okupheleleyo; Uyisihlangu kwabahamba ngobuqotho.
Ngokuba ngaMi izinsuku zakho ziyakuba-ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwandiswa.
Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengokukhanya kudlula ubumnyama.
Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla; nokho ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.
Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kepha isoni sinye sichitha izinto eziningi.
Owahamba ukwehlela eGibithe, akabuzanga emlonyeni wami; ukuze abaqinise emandleni kaFaro, bathembele emthunzini waseGibithe!
Umuntu uyakuba njengendawo yokukhosela emoyeni nesivikelo esivunguvungwini; njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.
Ukuhlakanipha nokwazi kuyakuba-ngukuqina kwezikhathi zakho namandla ensindiso; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.
Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.
Ngoba kakusilo ize kini; ngokuba lokhu kungukuphila kwenu; futhi ngale ndaba niyakwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuyolidla.
Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu;
Isihlahla somunga sathi ezihlahleni: “Uma ningigcoba nokungigcoba ngibe yinkosi phezu kwenu, wozani nithembele emthunzini wami;