UmShumayeli 7:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ungasho ukuthi: Kungani izinsuku zakuqala zazingcono kunalezi na? ngoba awubuzi ngokuhlakanipha ngalokhu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungasho ukuthi: “Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala zazizinhle kunalezi na?” Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha. IsiZulu 2020 Ungasho ukuthi: “Kungani izinsuku zasemandulo zazingcono kunezanamuhla na?” Ngokuba lokho kubuza akuveli ekuhlakanipheni. |
Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala esifubeni seziwula.
Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.
UGideyoni wathi kuye: “Awu, Nkosi yami, uma uJehova enathi, kungani konke lokhu kusehlele na? ziphi zonke izibonakaliso zakhe okhokho bethu abasitshela ngazo, besithi: UJehova kasikhuphulanga yini eGibhithe? kepha manje uJehova usilahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.