UKayini wakhuluma no-Abela umfowabo; kwathi besendle, uKayini wavukela umfowabo u-Abela, wambulala.
UmShumayeli 4:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uma bewa, omunye uyakuthabatha umngane wakhe; kepha maye koyedwa uma ewa; ngoba kalamuntu ongamphakamisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uma bewa, omunye uyavusa umngane wakhe; kepha maye kuye oyedwa lapho ewa, engenawesibili wokumvusa! IsiZulu 2020 Ngokuba uma bewa, bayavusana; maye kulowo oyedwa, nxa ewa akanaye ongamvusa! |
UKayini wakhuluma no-Abela umfowabo; kwathi besendle, uKayini wavukela umfowabo u-Abela, wambulala.
Kwathi sesiphelile ukulila, uDavida wathumela wamletha endlini yakhe, waba ngumkakhe, wamzalela indodana. Kodwa le nto uDavide ayenzile yayingalungile emehlweni kaJehova.
Incekukazi yakho yayinamadodana amabili, axabana wodwa endle, akwabakho owawahlukanisa; kodwa omunye watshaya omunye wambulala.
UMozisi wasesithi kuAroni: Lababantu benzeni kuwe ukuthi uzehlisele phezu kwabo isono esikhulu kangaka?
Futhi uma ababili belele ndawonye, bayakushisa; kodwa umuntu eyedwa angafudumala kanjani na?
Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe.
UJonathani indodana kaSawule wasuka waya kuDavide ehlathini, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu.