Kodwa manje uJehova uNkulunkulu wami unginikile ukuphumula nxazonke, kangangokuthi akukho sitha noma okubi.
UmShumayeli 3:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda; isikhathi sempi nesikhathi sokuthula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda, isikhathi sokulwa nesikhathi sokuzola. IsiZulu 2020 isikhathi sokuthanda, nesikhathi sokuzonda; isikhathi sokulwa, nesikhathi sokuthula. |
Kodwa manje uJehova uNkulunkulu wami unginikile ukuphumula nxazonke, kangangokuthi akukho sitha noma okubi.
UJoramu esembonile uJehu wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu na?” Wathi: “Kuthula kuni, lapho ubufebe bukanyoko u-Izebeli nobuthakathi bakhe busengaka na?”
UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Kumelwe usize ababi, uthande labo abazonda uJehova na?” ngalokho intukuthelo yehlela phezu kwakho ivela ebusweni bukaJehova.
Angiyikubeka okubi phambi kwamehlo ami; ngiyawuzonda umsebenzi wabahlubukayo; ngeke kunginamathele.
Waguqula izinhliziyo zabo ukuba bazonde abantu bakhe, baziphathe ngobuqili izinceku zakhe.
Lapho ngidlula kuwe, ngakubona, bheka, isikhathi sakho kwakuyisikhathi sothando; ngendlala ingubo yami phezu kwakho, ngembesa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngenza isivumelwano nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.
Uma umuntu eza kimi, engazondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe futhi, angebe ngumfundi wami.
Nokwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi, ukuze nigcwaliswe ngakho konke ukugcwala kukaNkulunkulu.
Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo;
ukuze bafundise abesifazane abasha ukuba nezithiyo, bathande abayeni babo, bathande abantwana babo,
UJoshuwa walithatha izwe lonke njengakho konke uJehova abekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa ngokwezigaba zabo ngokwezizwe zabo. Izwe lazola ekulweni.
Ngiyayazi imisebenzi yakho, nomshikashika wakho, nokubekezela kwakho, nokuthi ungebekezelele ababi;