Kanjalo inkosi uSolomoni yaba ngaphezu kwawo wonke amakhosi omhlaba ngengcebo nokuhlakanipha.
UmShumayeli 2:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho ngakhula, ngabadlula bonke ababengaphambi kwami eJerusalema; nokuhlakanipha kwami kwahlala kimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngikhula ngaba mkhulu kunabo bonke ababe phambi kwami eJerusalema. Nokuhlakanipha kwami kwakumi ngakimi. IsiZulu 2020 Ngakho-ke ngaba mkhulu ukwedlula abangendulelayo eJerusalema; ukuhlakanipha kwami kwahlala kukimi. |
Kanjalo inkosi uSolomoni yaba ngaphezu kwawo wonke amakhosi omhlaba ngengcebo nokuhlakanipha.
Kodwa angizange ngikholwe amazwi ngaze ngafika, futhi amehlo ami akubona; bheka, angitshelwanga nenxenye; ukuhlakanipha kwakho nenhlanhla yakho kudlula udumo engiluzwile.
Bheka, ngenze njengokwamazwi akho; bheka, ngikunike inhliziyo ehlakaniphileyo neqondayo; ukuze kakho onjengawe ngaphambi kwakho, langemva kwakho kakuyikuvela onjengawe.
UJehova wamenza uSolomoni waba mkhulu kakhulu emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, wamnika isithunzi sobukhosi esingazange sibe khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli ngaphambi kwakhe.
USolomoni indodana kaDavide wamqinisa embusweni wakhe; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamenza waba mkhulu kakhulu.
Ngakhuluma ngenhliziyo yami ngathi: “Bheka, mina sengize ngobuso obukhulu, ngizuza ukuhlakanipha kunabo bonke ababe ngaphambi kwami eJerusalema; yebo, inhliziyo yami yaba nesipiliyoni esikhulu sokuhlakanipha nolwazi.