Khona-ke ngadlulela esangweni lomthombo nasechibini lenkosi, kodwa kwakungekho ndawo yokuba isilwane engangisigibele sidlule.
UmShumayeli 2:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngazenzela amachibi amanzi okunisela izinkuni ezithela imithi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngazenzela amachibi amanzi ukuba kuniselwe ngawo ihlathi lemithi emilayo. IsiZulu 2020 Ngazakhela amachibi okunisela amahlathi okwakumile kuwo izihlahla. |
Khona-ke ngadlulela esangweni lomthombo nasechibini lenkosi, kodwa kwakungekho ndawo yokuba isilwane engangisigibele sidlule.
nencwadi eya ku-Asafa, umlindi wehlathi wenkosi, ukuba anginike izinkuni zokwenza imishayo yamasango endlu yenkosi, neyogange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo ngena. Inkosi yanginika ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami phezu kwami.
ISango Lomthombo lalilungiswa nguShaluni indodana kaKolihose, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walisibekela, wamisa izivalo zalo, nezihluthulelo zalo, nemigoqo yalo, nogange lwechibi laseSilowama ngasensimini yenkosi, kuze kufike ezitebhisini ezehla emzini kaDavide.
Emva kwakhe kwalungisa uNehemiya, indodana ka-Ashibuki, umbusi wenxenye yeBeti-Suri, kwaze kwaba maqondana namathuna kaDavide, nasedamu elalakhiwe lapho, nasendlini yamaqhawe.
Uyakuba njengesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi saso; neqabunga lawo aliyikubuna; futhi konke akwenzayo kuyophumelela.
Intamo yakho injengombhoshongo wophondo lwendlovu; amehlo akho njengamachibi ezinhlanzi eHeshiboni, esangweni laseBatrabimi; ikhala lakho linjengombhoshongo waseLebanoni obheke ngaseDamaseku.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, onabe izimpande zawo ngasemfuleni, angaboni lapho kufika ukushisa, kepha amaqabunga awo ayakuba luhlaza; futhi ayiyikuyeka ngonyaka wesomiso, futhi ayiyikuyeka ukuthela.