UmShumayeli 2:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengokukhanya kudlula ubumnyama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengalokhu ukukhanya kudlula ubumnyama. IsiZulu 2020 Ngabona ukuthi ukuhlakanipha kungcono kunobuwula, njengoba nokukhanya kungcono kunobumnyama. |
Ukuhlakanipha kohlakaniphileyo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.
Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide! futhi ukuzuza ukuqonda kungcono kukhethwe kunesiliva!
Uma insimbi ibuthuntu futhi engakaloli ubukhali, kumelwe anikeze amandla engeziwe; kodwa ukuhlakanipha kuyasiza ekuqondiseni.
Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla; nokho ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.
Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kepha isoni sinye sichitha izinto eziningi.
Khona lizabuya, lihlukanise phakathi kolungileyo lomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu lalowo ongamkhonziyo.
Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uyakuba mnyama. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani lobo bumnyama!
Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya;