UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.
UmShumayeli 2:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngibheka imisebenzi yonke izandla zami ezazenzile, nomshikashika engangiwusebenzele; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga. IsiZulu 2020 Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga. |
UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.
Khumbulani ukuthi isikhathi sami singakanani; kungani nenze abantu bonke kwaba yize na?
UMose wawubheka wonke umsebenzi, bheka, bawenza njengokuyala kukaJehova, bawenza; uMose wababusisa.
Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; futhi bheka, konke kuyize nokuhlushwa komoya.
Othanda isiliva akayikusutha ngemali; nothanda inala akanenzuzo; nalokhu kuyize.
Futhi futhi kungububi obukhulu, ukuthi uzohamba ngazo zonke izindlela njengoba eze; unanzuzoni yena owashikashikela umoya na?
Bheka, akuveli kuJehova Sebawoti ukuthi abantu bayakukhandleka emlilweni, abantu bazikhathaze kube yize, na?