Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi phambi kwakho njalo, zizwe ukuhlakanipha kwakho.
UmShumayeli 12:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi phezu kwalokho, ngenxa yokuthi umshumayeli wayehlakaniphile, waqhubeka efundisa abantu ulwazi; yebo, wacabangisisa, waphenya, walungisa amazwi amaningi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile, wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi. IsiZulu 2020 Ngaphezu kokuhlakanipha, uMshumayeli wayebuye afundise abantu ukwazi, walinganisa, wacwaninga, wahlela izaga eziningi. |
Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi phambi kwakho njalo, zizwe ukuhlakanipha kwakho.
Wakhuluma izaga eziyizinkulungwane ezintathu, izingoma zakhe zaziyinkulungwane nanhlanu.
UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokumthembisa kwakhe, kwaba khona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni; benza isivumelwano bobabili.
Izaga zikaSolomoni. Indodana ehlakaniphileyo ijabulisa uyise, kepha indodana eyisiwula ingumthwalo kanina.
Labahlakaniphileyo bayakukhanya njengokubenyezela komkhathi; nalabo abaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.