Wakhuluma izaga eziyizinkulungwane ezintathu, izingoma zakhe zaziyinkulungwane nanhlanu.
UmShumayeli 12:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi phezu kwalokho, ndodana yami, xwayiswa: akukho ukuphela kokwenza izincwadi eziningi; ukufunda okuningi kukhathaza umzimba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha phezu kwalana, ndodana yami, mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba. IsiZulu 2020 Ngaphezu kwalokhu, ndodana yami, xwaya; ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokufunda kakhulu kuyawutuba umzimba. |
Wakhuluma izaga eziyizinkulungwane ezintathu, izingoma zakhe zaziyinkulungwane nanhlanu.
Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukudabuka okuningi, nowandisa ukwazi wandisa usizi.
Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.
Kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenzayo, okuthi, uma bezilotshwa zonke ngazinye, ngithi nomhlaba ngokwawo ubungekwazi ukuthwala izincwadi ebezingalotshwa. Amen.
Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.