Kepha umnsalo wakhe unamandla, nezingalo zezandla zakhe zaqiniswa ngesandla sikaNkulunkulu onamandla kaJakobe; (ngakho-ke umalusi, idwala lika-Israyeli:)
UmShumayeli 12:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amazwi abahlakaniphileyo anjengezinkandi nezipikili ezibethelwe ngabaholi bamabandla, ezinikezwe ngumalusi oyedwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo, nezigaba zawo zinjengezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye. IsiZulu 2020 Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye. |
Kepha umnsalo wakhe unamandla, nezingalo zezandla zakhe zaqiniswa ngesandla sikaNkulunkulu onamandla kaJakobe; (ngakho-ke umalusi, idwala lika-Israyeli:)
Manje isihawu sikaJehova uNkulunkulu wethu senziwe ngokwesikhashana nje ukusishiyela insali ephunyukileyo, nokusinika isikhonkwane endlini yakhe engcwele, ukuze uNkulunkulu wethu akhanyisele amehlo ethu, asinike ukuvuselela endaweni yakhe engcwele ubugqila bethu.
Ihubo lika-Asafa. Zwana, Malusi ka-Israyeli, wena ohola uJosefa njengomhlambi; wena ohlezi phakathi kwamakherubi, khazimula.
Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ukuhlakanipha.
Beka indlebe yakho uzwe amazwi abahlakaniphileyo, uqondise inhliziyo yakho ekwazini kwami.
Amazwi omlomo womuntu ohlakaniphileyo anomusa; kepha izindebe zesiwula ziyakuzigwinya.
Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula.
Ngizamqinisa njengesikhonkwane endaweni emisiweyo; futhi uyakuba yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise.
Uyakwalusa umhlambi wakhe njengomalusi; iyobutha amawundlu ngengalo yayo, iwathwale esifubeni sayo, izihole ngobumnene ezizinyanelayo.
Ngiyakumisa phezu kwazo umalusi oyedwa, azoluse, inceku yami uDavide; uyakuzondla, abe ngumalusi wazo.
Kodwa kwathi ebona abanengi babaFarisi labaSadusi besiza ekubhabhathizeni kwakhe, wathi kubo: Nzalo yezinyoka, ngubani olixwayisile ukubalekela ulaka oluzayo?
UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awuzazi lezi zinto na?
Kwathi sebezwile lokho bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetro lakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, sizakwenzani?
(Ngokuba izikhali zempi yethu azisizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba;)
Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo uMalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esiphakade, iNkosi yethu uJesu Kristu.
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.
Kuyakuthi lapho ebonakala uMalusi omkhulu, niyakwamukeliswa umqhele wenkazimulo ongabuniyo.