Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuthokozisayo, kodwa umlomo wababi ukhuluma amanga.
UmShumayeli 12:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umshumayeli wafuna ukuthola amazwi amukelekayo, futhi okulotshiweyo kwakulungile, amazwi eqiniso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi anamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso. IsiZulu 2020 UMshumayeli wayefunisisa amazwi athokozisayo, ngobuqotho abhale amazwi aliqiniso. |
Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuthokozisayo, kodwa umlomo wababi ukhuluma amanga.
Umuntu uyathokoza ngempendulo yomlomo wakhe, nezwi elikhulunywe ngesikhathi salo, yeka ukuthi lihle kangakanani!
Imicabango yababi iyisinengiso kuJehova, kodwa amazwi ahlanzekileyo angamazwi amahle.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu.
Ngokuba ithemba enibekelwe lona ezulwini, enalizwa ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli;
Likholekile leli zwi, lifanele ukwamukelwa konke, ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni; engiyinduna yabo.