Iyakukhulula umphefumulo wayo ekuyeni egodini, nokuphila kwayo kuyobona ukukhanya.
UmShumayeli 11:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngempela, kumnandi ukukhanya, futhi kuyajabulisa emehlweni ukubona ilanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukukhanya kumnandi, yebo, kuhle emehlweni ukubona ilanga. IsiZulu 2020 Ukukhanya kumnandi, kuthokozisa amehlo ukubuka ilanga. |
Iyakukhulula umphefumulo wayo ekuyeni egodini, nokuphila kwayo kuyobona ukukhanya.
ukuze abuyise umphefumulo wakhe egodini, akhanyiselwe ngokukhanya kwabaphilayo.
Ngokuba uwusindisile umphefumulo wami ekufeni; Awuyikukhulula izinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe phambi kukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo na?
Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.
Ukukhanya kwamehlo kuthokozisa inhliziyo, nezwi elihle likhuluphalisa amathambo.
Nakuba ilanga noma ukukhanya noma inyanga noma izinkanyezi akufiphazwa, namafu awabuyi ngemva kwemvula.
Ngaphezu kwalokho, akazange alibone ilanga futhi engazi lutho; inokuphumula okwedlula ezinye.
ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile.