Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UmShumayeli 11:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, nakusihlwa ungagodli isandla sakho, ngokuba awukwazi ukuthi iyakuphumelela, noma lokhu noma lokhuya, noma ziyakuba zinhle zombili ngokulingana.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo, noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, ungasiphumuzi isandla sakho kuze kuhlwe, ngokuba kawazi ukuthi yiyiphi ezomila; yilena noma yileya, noma zombili zizoba zinhle ngokufanayo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UmShumayeli 11:6
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngempela, kumnandi ukukhanya, futhi kuyajabulisa emehlweni ukubona ilanga.


Ngalokho ngacabanga enhliziyweni yami ukuba ngimemezele konke lokhu ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo kanye nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; akakho owazi uthando nenzondo kukho konke okuphambi kwakhe.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho; ngoba akukho msebenzi, nacebo, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Ngokuba njengoba imvula neqhwa kwehla ezulwini futhi kungabuyeli khona, kodwa ninisele umhlaba, kuwenze uhlume, uhlume, ukuze unike ohlwanyelayo inhlanyelo, nesinkwa kodlayo.


Zihlwanyeleleni ekulungeni, nivune ngomusa; qedani amadlelo enu, ngokuba sekuyisikhathi sokumfuna uJehova, aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.


Kepha lokhu ngithi: Ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana; nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.


Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.