UmShumayeli 10:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Maye kuwe zwe, uma inkosi yakho isengumntwana, nezikhulu zakho zidla ekuseni! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Maye kuwe lizwe onkosi yakho ingumntwana, nezikhulu zakho zinedili ekuseni! IsiZulu 2020 Maye, kuwe lizwe elibuswa yinkosi esencane, izikhulu zakho zizitika ngedili kusuka ekuseni! |
Kwabuthana kuye amadoda ayize, amadodana kaBheliyali, aziqinisa ukumelana noRehobowamu indodana kaSolomoni, uRehobowamu esemncane enenhliziyo ethambileyo, engenakumelana nabo.
USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema;
UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema;
UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.
UJehoyakini wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu nezinsuku eziyishumi eJerusalema; wenza okubi emehlweni kaJehova.
Isikhulu esiswele ukuqonda singumcindezeli omkhulu; kepha ozonda ukuhaha uyakwandisa izinsuku zakhe.
Kepha abantu bami, abantwana bangabacindezeli, nabesifazane bayababusa. Bantu bami, abaniholayo bayanidukisa, bachithe indlela yenu.
Wena ndlu kaDavide, usho kanje uJehova; Ekuseni gcwalisa ukwahlulela futhi usindise ophangiwe esandleni somcindezeli, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo futhi lushise okungenakucinywa muntu ngenxa yobubi bezenzo zakho.