Khona-ke unike inceku yakho inhliziyo eqondayo ukwahlulela abantu bakho, ukuze ngahlukanise phakathi kokuhle nokubi; ngoba ngubani ongahlulela lesi sizwe sakho esikhulu?
UmShumayeli 10:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uma insimbi ibuthuntu futhi engakaloli ubukhali, kumelwe anikeze amandla engeziwe; kodwa ukuhlakanipha kuyasiza ekuqondiseni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma insimbi ibuthuntu, umuntu engaloli usiko, uyakhamelela ngamandla; kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha. IsiZulu 2020 Uma imbazo ibuthuntu, umuntu engayilolanga, usebenzisa amandla amakhulu; kodwa ukuhlakanipha kuletha ithuba lempumelelo. |
Khona-ke unike inceku yakho inhliziyo eqondayo ukwahlulela abantu bakho, ukuze ngahlukanise phakathi kokuhle nokubi; ngoba ngubani ongahlulela lesi sizwe sakho esikhulu?
Kubantwana bakwa-Isakare, ababekwazi ukuqonda izikhathi, ukwazi okufanele u-Israyeli akwenze; amakhanda abo ayengamakhulu amabili; bonke abafowabo balandela umyalo wabo.
Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengokukhanya kudlula ubumnyama.
Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kepha isoni sinye sichitha izinto eziningi.
Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.
Ngokuba ukulalela kwenu sekufinyelele kubantu bonke. Ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe abangenalwazi kokubi.
Bazalwane, ningabi ngabantwana ngokuqonda, nokho ebubini nibe ngabantwana, kepha ekuqondeni nibe ngamadoda.
Lapho ngilola inkemba yami ebenyezelayo, nesandla sami sibambe ukwahlulela; ngiyakuziphindiselela ezitheni zami, ngiphindisele kwabangizondayo.
Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa.