USolomoni wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke.
UmShumayeli 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. IsiZulu 2020 Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. |
USolomoni wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke.
Futhi wamisa abaprofethi ukuba bashumayele ngawe eJerusalema, bathi: Kukhona inkosi kwaJuda; manje kuzobikwa enkosini ngokwalawa mazwi. Woza-ke, sicebisane.
Ngashumayela ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizibambanga izindebe zami, Jehova, wena uyakwazi.
Mnikeni ezinye zezithelo zezandla zakhe; nemisebenzi yakhe mayimdumise emasangweni.
Bheka, nakhu engikutholile, usho umshumayeli, ngibala ngamunye ngamunye, ukuze ngithole umbiko:
UMoya kaJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabathotshisiweyo; Wangithuma ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa itilongo;
futhi engaliyekanga izwe elidala, kodwa wamsindisa uNowa umshumayeli wokulunga, eletha uzamcolo ezweni labangamesabi uNkulunkulu;