Ngase ngithi kubo: “Niyakubona usizi esikulo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo kanjani namasango alo ashiswa ngomlilo; wozani sakhe ugange lwaseJerusalema, ukuze singabi yisihlamba.
UMikha 7:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngosuku okufanele kwakhiwe ngalo izingange zakho, ngalolo suku isinqumo siyoba kude. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho; ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude. IsiZulu 2020 “Kuyakufika usuku lokwakha ugange lwakho, ngalolo lusuku umngcele wakho uyakunwetshwa ube kude. |
Ngase ngithi kubo: “Niyakubona usizi esikulo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo kanjani namasango alo ashiswa ngomlilo; wozani sakhe ugange lwaseJerusalema, ukuze singabi yisihlamba.
nencwadi eya ku-Asafa, umlindi wehlathi wenkosi, ukuba anginike izinkuni zokwenza imishayo yamasango endlu yenkosi, neyogange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo ngena. Inkosi yanginika ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami phezu kwami.
UThobiya umAmoni wayenaye, wathi: “Nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakuludiliza ugange lwabo lwamatshe.”
Ngakho salwakha umduli; ugange lonke lwahlanganiswa nengxenye yalo, ngokuba amadoda ayeshisekela ukusebenza.
O wena olusizi, oqhutshwa yisiphepho futhi ongaduduzwanga, bheka, ngibeka amatshe akho ngemibala emihle futhi ngibeka izisekelo zakho ngamasafire.
Labo abayakuba ngabakho bayakwakha amanxiwa amadala; uyakubizwa ngokuthi: Umlungisi wezikhala, umlungisi wezindlela zokuhlala.
Bayakwakha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezibhuqiwe zakuqala, babuyisele imizi echithekileyo, izincithakalo zezizukulwane ngezizukulwane.
Yazi-ke futhi uqonde ukuthi kusukela ekuphumeni komyalo wokubuyisela nokwakha iJerusalema kuze kufike uMesiya, iNkosana, kuyohlala amasonto ayisikhombisa namasonto angamashumi ayisithupha nambili: umgwaqo uyokwakhiwa futhi nodonga, ngisho nasezikhathini ezinzima.